6627. IZIMFIHLAKALO ZEZULU
---
IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULWE ENCWADINI KA-EKSODUSI KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI
KULOTSHWE NGU-EMANUEL SWEDENBORG
KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI NGU-ZAMOKUHLE ZUNGU
---
INCWADI KA-EKSODUSI
ISAHLUKO SOKUQALA SIKA EKSODUSI
Ezingxenyeni zeZwi ezandulela iNcwadi ka-Eksodusi kuzokwethulwa kuqala imfundiso emayelana neSISA SENHLIZIYO, bese kwethulwa imfundiso emayelana neNKOLO. Lokhu kwenziwa ngenhloso yokuba amaphuzu asechaziwe asabalele ezindaweni ezahlukene abekwe obala, nakanjalo ukuze abantu babone ngokwethulwa nokuchazwa kwawo ukuthi imfundiso yeSonto ifundisani noma ukuthi kumele ifundiseni uma izohambisana nokulungileyo kanye nokuyiqiniso ezulwini.